Inkulumo Ka Mongameli Wezwe Umnumzane Jacob Zuma Embizweni Yokulwa Nesomiso E Melmoth, Kwazulu-Natali
Ngibingelela uNdunankulu wesifundazwe nethimba lakhe likahulumeni;
Ngibingelela uMeya kaMasipala wasoThungulu noMeya wala eMthonjaneni;
Ngibingelela wonke amakhosi akhona la nabefundisi bezenkolo;
Sanibonani mphakathi wase Malimede namaphethelo noMasipala wasoThungulu jikelele.
Namhlanje sihlangene ngendaba enkulu yesomiso esihlasele izwe lakithi, ikakhulukazi izifundazwe ezinhlanu zase Mpumalanga, Free State, North West, Limpopo nala KwaZulu-Natal.
Sithe singuhulumeni ophuma kuzo zonke izigaba ake sivakashele lendawo yase Melmoth namaphethelo sizoxoxa nani bakwethu ngesimo sesomiso nezinyathelo esezithathwe uhulumeni ukusiza umphakathi wonkana ukuthi uthole amanzi.
Siyazi singuhulumeni ukuthi imiphakathi eminingi ibhekene nobunzima ngenxa yalesi somiso.
Amanzi awekho, lokhu osekwenze nokuthi imfuyo, amasimu nezingadi zibhubhe.
Singuhulumeni sikhathazeke kakhulu ngalesisimo. Futhi sizimisele ukwenza konke okusemandleni ethu ukuthi sisinqobe lesimo esibi kangaka.
Uhulumeni usuthathe izinyathelo ezinkhulu ukwenza ukuthi imiphakathi yakithi ithole amanzi, ingabulawa isomiso.
Uhulumeni usekhiphe izigidi zama randi ukwelekelela imiphakathi ngamanzi. La esifundazweni sakwaZulu-Natal sisodwa nje uhulumeni usekhiphe imali eyevile ezigidini ezingamakhulu amane (400 million) ukusiza ekulweni nesomiso.
Leyomali isetshenziselwa ukumba imigodi yamanzi (boreholes), ukulethela imiphakathi amanzi ngezimonto (mobile water tanks), nokusiza abalimi ukuthi imfuyo yabo namasimu angabhujiswa ngenxa yesomiso.
UMasipala wala oThungulu usuhlomulile kulezi zinyathelo zika hulumeni zokulwa nesomiso. Sekwakhiwe amaboreholes awu 32 amasha azosiza umphakathi wase Malimede ngamanzi.
Ngenyanga kanhlolanja (February) uMnyango wezaManzi kazwelwelonke unikeze umphakathi walapha eMelmoth ngethange lamanzi ukuze umphakathi uthole amanzi ngendlela engculisayo.
Akungcinanga lapho nje. UMasipala wasoThungulu ube usunikela ngama Jojo tanks ayishumi nambili (12) la edolobheni eMelmoth namanye
futhi ayishumi nambili emzini wakithi eThubalethu, khona la eMelmoth.
IJojo tank iyinye ikwazi ukuthwala amanzi ayizinkulungwane ezinhlanu.
Ngifuna ukugcizelela mphakathi wakithi ukuthi kufanele amanzi siwaphathe kahle. Lesi somiso sikhombisile ukuthi izwe lethu alinawo amanzi amaningi.
Kufaneleke amanzi siwaphathise okwezikhali zamaNtungwa. Lababantu abantshontsha baphinde baphathe budedengu izingqalazizinda zamanzi kufanele sibabike emaphoyiseni.
Asizame futhi bakwethu ukonga amanzi. Singashiyi nje ompompi bengavaliwe bevuza amanzi.
Ingakho nje siqale uhlelo olubaluleke kakhulu lapho siqeqesha intsha ukuthi ibe wochwepheshe bokuvikele amanzi, benze ukuthi ukuvuza kwamanzi kugwenywe (War on Water Leaks Programme).
Sesiqalile ke ukuyiqeqesha lentsha eyizinkulungwane eziyishumi nanhlanu (15 000) ukuthi yenze lomsebenzi.
Angisho nje sengiphetha ukuthi amanzi impilo, asiwasebenzise kahle. Angigcizelele futhi ukuthi ayivela kancane ezweni lakithi.
Uhulumeni uzimisele ukusebenzisana nemiphakathi ukuze abantu nempahla yabo bangabulawa isomiso.
Asibambisaneni ke bakwethu ukuze siphumelele siyinqobe lenkinga yesomiso.
Ngaphandi kokuthi ngiphethe lenkulumo, ngicela ukukhuthaza wonke umphakathi ezweni lonke ukuthi ungakhohlwa ukuyobhalisela ukuvota. Ithuba lokugcina lokubhalisa liyeza kulempelasonto ezayo mhlaka 9 no 10 April.
Siyanikhuthaza kakhulu bakwethu ukuthi niphume ngobuningi benu niyobhalisa.
Labo esebebhalisile siyabakhuthaza ukuthi bayobheka amagama abo ukuthi akhona yini ohleni lwabantu abazovota ukuze kugwemeke isimo sokuthola ukuthi igama lakho alikho ngosuku okuvotwa ngalo.
Phumani ngobuningi benu ke bakwethu, nisebenzise lelithuba lokugcina ukuyobhalisela ukuvota.
Ngiyabonga.