Skip to main content
x

Inkulumo ka mongameli u Jacob Zuma, e St Joseph Cathdral Church, Marianhill, Pinetown, Durban

Bishop, Mlungisi Dlungwane
Esteemed Priests
MEC for Agriculture, Dr Meshack Radebe
MEC for Social Development Ms Weziwe Gcotyewa Thusi
Your Worship the Mayor of Ethekwini, Cllr James Nxumalo
Inkosi Bhekamanganga Shozi
Esteemed members of the Congregation
Mphathi wohlelo

Ngiyabingelela mbhishobhi uDlungwane, izinceku zeNkosi zonke ezikhona, ONgqongqoshe bonke abakhona, Inkosi yesizwe samaNganga; inkosi uShozi, Mayor yeTheku; Councillor James Nxumalo, amakhansela onke akhona, ibandla lonke lamaKhatholika, nawo wonke umphakathi okhona, 

MAKADUNYISWE UJESU KHRISTO 

Kuyinjabulo enkulu kakhulu ukuba lapha namuhla, ngalezi zinsuku zokuzalwa kweNkosi uJesu, ukhisimusi phela.

Futhi yizinsuku zokuqala konyaka omusha; sizimisela kabusha, sithatha izinqumo ezintsha ezisiyisa phambili. 

Uma kukhona lapho ohluleke khona ngonyaka odlule ungalilahli ithemba, zama futhi ngalonyaka, uzimisele, uphikelele. 

IsiZulu sithi: akulahlwa mbeleko ngakufelwa. 
Ungabi yigwala, ukuqala konyaka omusha akukunike amandla okuqala kabusha. 

Kulabo akade bethola imiphumela yabo ka Matric, uma kuhambe kahle kuhle, halala; uma kungahambanga kahle phinda futhi uzame, kuzolunga, igwala umuntu ongazami osaba ukwahluleka engakazami futhi. 

Lonyaka u 2014 makube ngunyaka wempumelelo.

Ngibonga ibandla lonke ngokusamukela kahle ngezifudumele izandla lezi. 

Mbhishobhi Dlungwane, nobuholi bonke ne bandla, ngibonga ukusebenzisana kwethu okuhle kweminyaka. 

Amagalelo ebandla lamaRoma siyawazi futhi siyawahlonipha, ngokwakha abantu ngezikole, ngezibhedlela, ngemisebenzi yezandla, ngokulwa nendlala nobubha, nobuntandane.

Ngesikhathi sikaNdunankulu uNdebele; uManzankosi, kwaba kuhle ukusebenzisana. 
Kuyona lendawo esikuyo, kunesakhiwo esingubufakazi balo lolubambiswano oluhle.

Ngesikhathi sikaNdunankulu uMkhize; uKhabazela, kuqhubekile ukusebenzisana. Kuyimanje ngazi indawo yaseBulwer/Donnybrook; eKevelaer, lapho ngasonta kanye nani makholwa, ebusuku, kuculwa kamnandi, kwathandazwa, kwabusiswa.

Namuhla ngi la, ehlalankosi lombhishobhi, eMariannhill. Konke lokhu engikubalayo kukhombisa ukusebenzisana nobambiswano.

Njengohulumeni siyalidinga ibandla, nebandla liyamdinga uhulumeni. Kufanele sibambisane makholwa ekwakhiweni komphakathi nezwe lethu. Intuthuko iyovezwa iphinde iqhutshezwe ubambiswano.

Salunqoba ubandlululo, ingcindezelo, nodlame sibambisene namabandla, ngokunjalo sizozinqoba izifo, indlala, nokunye okuningi okusikhathazayo uma sibambisene.

Akukalungi kahle ekuhlanganiseni umphakathi wethu ukuba ube munye sibe isizwe esisodwa (social cohesion), siyalidinga ibandla kulomsebenzi, akufanele lihambele kude, lineqhaza elikhulu elingeze lenziwa ngabanye ngaphandle kwalo.

Kufanele ibandla libhukule ekwakhiweni kwezimilo, ekunakekeleni nasekufundiseni abantwana. IsiZulu sithi: umthente uhlaba usamila! Siphinde futhi sithi: ligotshwa liseva! Baningi abantwana nezingane engizibona lapha, malisisize ibandla ekubakheni nasekuqoqeni izimilo. 
Nasebekhulile, phela njengabantu wonke umuntu uyadinga ukukhunjuzwa ngokuziphatha (values) okufanelekile, ngumsebenzi webandla lowo.

Mikhulu futhi miningi imisebenzi yebandla, lona leli laseMariannhill eliphethwe ngumbhishobhi uDlungwane. 

Kufanele lemisebenzi iqhubeke, yenzeke, ifezeke. Ngiyathembisa ukuthi ngizokwelekelela emisebenzini yebandla ukuba yenzeke. (Bishop’s Projects) Akufanele ukuba umbhishobhi abe nobunzima ekusebenzeni. Ziningi izindlela zokubulala ikati! 

Kungihlabe umxhwele ukubona kweminye yemisebenzi yombhishobhi ukuhunyushwa kweBhayibheli, lisuselwa ezilimini zalo isiHebheru nesiGriki! Umsebenzi omkhulu kodwa futhi omuhle, ngoba kudinga wazi lezizilimi nosikompilo lwabazikhulumayo nolimi oyisa kulo nosikompilo lwalo. Siyakukhuthaza ke lokhu. 

Mangisho ukuthi sizofaka ihlombe nathi ngalesi sikhungo ekuthiwa yi Jacob Zuma Foundation. 
Isikhungo lesi esibhekele intuthuko, ububha, inhlalakahle, imfundo nokunye okuningi. 

Siyazibophezela namhlanje ukubambisana neBandla, sizonxusa nabadla izambane likapondwe balekelele; phela akudlulwa ngendlela indlu yakhiwa. 

Le ndlu eyakhiwayo ezoba likhaya leZwi likaNkulunkulu. I Jacob G. Zuma Foundation inehlo elibukhali ekuthuthukisweni komnotho wolimi nenhlalo yabantu. 

Yiyona ke ezosayina nombhishobhi lokhu kuzibophezela kwami, ukusekela nokukhulisa lomsebenzi ukuze uye phambili.

Mphakathi wonkana, thina lapha ezweni lakithi sisanda kuhanjelwa yiqhawe lamaqhawe, ubaba wesizwe sethu esisha; uMadiba. Kumele sibambelele emfundisweni yakhe. Imfundiso yokusebenzela izwe, yokuzikhandla uzinikele, yokuphana nokunakekela abanye. 

Walwa kakhulu elwela inkululeko. Ilungelo lokuvota uMadiba waze walisebenzisa eseneminyaka engu 70. 

Abasebencane kufanele bayibonge leyonhlanhla yokuba negunya lokuvota kusukela eminyakeni engu 18. Bangagcini nje kuphela ngokubonga balisebenzise ilungelo labo, ngeke nilephucwe muntu, ngelenu. 

Ngiyanicela nonke ukuba niqikelele ukuthi nikubhaliselile ukuvota. Abangenawo ama ID’s mabaphuthume bayowashaya. 

Abangakabhalisi mabenze njalo uma ithuba livela, futhi lizovela. 

 

 Union Building